Amahubo 6:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni;ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?

6. Ngikhathele ukububula kwami;ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku,ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.

7. Iso lami liyafiphala ngokudabuka;liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.

8. Dedani kimi nina nonke enenza okubi,ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;

9. uJehova uzwile ukunxusa kwami,uJehova uyamukela umkhuleko wami.

10. Zonke izitha zami ziyakujabha,zishaywe luvalo;ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.

Amahubo 6