Amahubo 6:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,ungangishayi ngolaka lwakho.

2. Yiba nomusa kimi, Jehova,ngokuba ngidangele;ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,

3. nomphefumulo wami uyathuthumela,kepha wena Jehova,koze kube nini na?

4. Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami,ungisindise ngenxa yesihawu sakho.

5. Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni;ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?

6. Ngikhathele ukububula kwami;ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku,ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.

Amahubo 6