Amahubo 55:18-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula, bangasondeli kimi,ngokuba baningi abamelene nami.

19. UNkulunkulu uzakuzwa, abaphendule,yena okhona kwaphakade. Sela*Yibona kambe okungekho kubo ukuphenduka,nabangamesabiyo uNkulunkulu.

20. Ubeka isandla ngakuye ohlalisene kahle naye;udumazile isivumelwano sakhe.

21. Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa,kepha inhliziyo yakhe iyimpi;amazwi akhe athambile kunamafutha;nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.

22. Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

23. Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa;abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo;kepha mina ngizakwethemba wena.

Amahubo 55