Amahubo 40:16-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo;abathanda insindiso yakho mabashonjalo, bathi:“Makadunyiswe uJehova.”

17. Noma ngihlupheka, ngimpofu,iNkosi iyanginaka;wena ungumsizi wami noMsindisi wami;Nkulunkulu wami, mawungalibali.

Amahubo 40