Amahubo 40:11-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.

12. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile,iziphambeko zami zingificile,angaze ngaba nakubona;ziningi kunezinwele zekhanda lami;inhliziyo yami ingishiyile.

13. Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule;Jehova, mawuphuthume ungisize.

14. Mabajabhe, babe namahloni bonkeabafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe;abafisa ukulimala kwamimababuyiselwe emuva, bajabhiswe.

15. Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi:“Ashila, ashila!”

16. Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo;abathanda insindiso yakho mabashonjalo, bathi:“Makadunyiswe uJehova.”

17. Noma ngihlupheka, ngimpofu,iNkosi iyanginaka;wena ungumsizi wami noMsindisi wami;Nkulunkulu wami, mawungalibali.

Amahubo 40