2. Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle;kwavuswa ubuhlungu bami.
3. Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami;kwaphembeka umlilo ngisazindla;ngakhuluma ngolimi lwami.
4. “Jehova, ngazise ukuphela kwami,nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini;mangazi ukuthi ngingodlulayo.
5. Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla;imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe;impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje,noma eqine kangakanani. Sela*
6. “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje;impela uzikhathaza ngokuyize nje;unqwabela imfuyo,kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.
7. “Kalokhu-ke, Nkosi,ngilindele ntoni na?Ithemba lami likuwe.
8. Ngisindise kuzo iziphambeko zami,ungangenzi isithuko sesiwula.