Amahubo 38:13-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa;nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.

14. Yebo, nginjengomuntu ongezwayo;akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.

15. Ngokuba ngithemba wena Jehova;wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.

16. Ngokuba ngithe:“Funa bajabule ngami,ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”

17. Ngokuba ngiseduze kokuwa,nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.

18. Ngokuba ngiyabika ukona kwami;ngiyadabuka ngesono sami.

19. Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla;baningi abangizonda ngeze.

20. Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami,ngokuba ngilandela okulungileyo.

21. Ungangishiyi, Jehova;Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.

22. Phuthuma, ungisize,Nkosi, nsindiso yami.

Amahubo 38