Amahubo 38:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho,ungangishayi ngolaka lwakho.

2. Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile;isandla sakho singicindezele kanzima.

3. Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho;akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.

4. Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami;njengomthwalo osindayo ziyangisinda.

5. Izilonda zami ziyanuka,zichicha ubovungenxa yobuwula bami.

6. Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu;usuku lonke ngihamba ngilila.

7. Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu;akukho ukuphila enyameni yami.

8. Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi;ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.

9. Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;ukububula kwami akufihlekile kuwe.

10. Inhliziyo yami iyagquma kakhulu;amandla ami angishiyile,ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.

11. Abathandekayo bami nabahlobo bamibemi kude nokuhlupheka kwami;abakwethu bemi kude laphaya.

12. Abafuna umphefumulo wami bayangicupha;abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi,bazindla inkohliso usuku lonke.

13. Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa;nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.

Amahubo 38