Amahubo 36:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi,ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu;usindisa abantu nezilwane, Jehova.

7. Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka;abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.

8. Bayakusutha ngamanoni endlu yakho,ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.

9. Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila;ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.

10. Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo,nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.

11. Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli;nesandla somubi masingangixoshi.

12. Bheka, bawile abenza okubi;bawiswe phansi, abasenakuvuka.

Amahubo 36