1. Inkulumo yesiphambeko komubi,isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi:Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.
2. Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe,ukuze kungafunyanwa,azondeke ngakho.
3. Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso;ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.
4. Uceba okubi ecansini lakhe,uzimisa endleleni engalungile;okubi kakwenyanyi.
5. Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini,nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.