Amahubo 34:5-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Babheka kuye phezulu, bakhanya;ubuso babo abusoze bajabha.

6. Nasi isihlupheki esakhala,uJehova wezwa,wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

7. Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

8. Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

9. Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe,ngokuba abasweli lutho abamesabayo.

10. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.

11. Zanini, bantwana, ningilalele;ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.

12. Ngumuphi umuntu othanda ukuphila,ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?

13. Londa ulimi lwakho kokubi,nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.

14. Deda kukho okubi, wenze okuhle;funa ukuthula, ukujonge.

15. Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.

16. Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubiukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.

17. Labo bayakhala, uJehova uyezwa;uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.

Amahubo 34