Amahubo 34:18-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

19. Ziningi izinhlupheko zolungileyo,kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

20. Uyawagcina onke amathambo akhe;alaphulwa nelilodwa kuwo.

21. Okubi kuyakumbulala omubi;abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.

22. UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

Amahubo 34