Amahubo 34:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.

2. Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova;abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.

3. Mtuseni uJehova kanye nami,siphakamise igama lakhe kanyekanye.

Amahubo 34