8. awunginikelanga esandleni sesitha,wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.
9. Yiba nomusa kimi, Jehova,ngokuba ngiyahlupheka;iso lami liyafa usizi,nomphefumulo wami nomzimba wami.
10. Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini,neminyaka yami ekububuleni;amandla ami aphelile ngokona kwami,namathambo ami ancunzekile.
11. Ngenxa yezitha zami zonke sengaba yisihlamba,ikakhulu kubakhelwane bami ngaba ngobesabisayo abangane bami;abangibona endleleni bayangibalekela.
12. Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo;nginjengesitsha esifileyo.
13. Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningingokwesabisayo nxazonke;besenza icebo ngamibahlosa ukubulala umphefumulo wami.
14. Kepha mina ngithemba wena Jehova;ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”
15. Izikhathi zami zisesandleni sakho;ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.
16. Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;ngisindise ngomusa wakho.
17. Jehova, mawungangijabhisi,ngokuba ngiyakubiza;mabajabhiswe ababi,bathuliswe endaweni yabafileyo.