Amahubo 31:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova;mawungangijabhisi naphakade;ngikhulule ngokulunga kwakho.

2. Beka kimi indlebe yakho,ungophule masinyane,ube yidwala eliqinileyo kimi,indlu yezinqaba yokungisindisa.

3. Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;ngenxa yegama lakho uyakungihola,ungiqondise.

4. Uyakungikhipha enetheni abangicuphe ngalo,ngokuba wena uyinqaba yami.

5. Ngibeka umoya wami esandleni sakho;uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo.

6. Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize,kepha mina ngithemba uJehova.

7. Ngizakwethaba,ngijabule ngomusa wakho,ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami,wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;

8. awunginikelanga esandleni sesitha,wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.

9. Yiba nomusa kimi, Jehova,ngokuba ngiyahlupheka;iso lami liyafa usizi,nomphefumulo wami nomzimba wami.

10. Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini,neminyaka yami ekububuleni;amandla ami aphelile ngokona kwami,namathambo ami ancunzekile.

Amahubo 31