Amahubo 3:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami.Baningi abangivukelayo.

2. Baningi abathi emphefumulweni wami:“Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela*

3. Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

4. Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova;yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*

5. Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo;ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.

6. Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantuabangihaqile nxazonke.

Amahubo 3