Amahubo 28:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngikhala kuwe Jehova;Dwala lami, ungabi yisithulu kimi,funa kuthi, uma uthula kimi,ngifane nabashona emgodini.

2. Yizwa izwi lokunxusa kwami,nxa ngikhala kuwe,ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.

3. Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubiabakhuluma ukuthula nabakhelwane babo,kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.

4. Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo;banike njengokwenza kwezandla zabo,baphindisele abakwenzileyo.

5. Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehovanokwenza kwezandla zakhe;uyakubadiliza, angabakhi.

Amahubo 28