1. Ngikhala kuwe Jehova;Dwala lami, ungabi yisithulu kimi,funa kuthi, uma uthula kimi,ngifane nabashona emgodini.
2. Yizwa izwi lokunxusa kwami,nxa ngikhala kuwe,ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.
3. Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubiabakhuluma ukuthula nabakhelwane babo,kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.