Amahubo 27:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;ngizakwesaba bani na?UJehova uyinqaba yokuphila kwami;ngizakuba novalo ngobani na?

2. Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yamiabamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.

3. Noma impi imisa ngakimi,inhliziyo yami ayesabi;noma ngivukelwa ngukulwa,nokho nginethemba.

4. Kunye engikucele kuJehova,ngiyakufuna khona:ukuba ngihlale endlini kaJehovaizinsuku zonke zokuphila kwamiukubona ubuhle bukaJehova,ngibuke ithempeli lakhe.

5. Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhengosuku lokuhlupheka,angicashise ekusithekeni kwetende lakhe,angiphakamisele edwaleni.

6. Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakamangaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo;ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe,ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.

7. Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu;yiba nomusa kimi, ungiphendule.

8. Kuwena othi: “Funani ubuso bami,”inhliziyo yami ithi:“Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”

9. Ungafihli ubuso bakho kimi,ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela;wena ulusizo lwami, ungangilahli,ungangishiyi,Nkulunkulu wensindiso yami.

Amahubo 27