2. Ngivivinye, Jehova, ungilinge;hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.
3. Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami;ngihamba eqinisweni lakho.
4. Angihlali nabantu bamanga,angihambelani nezimbulu.
5. Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi,angihlali nababi.
6. Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala,ngizungeza i-altare lakho, Jehova,
7. ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa,ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.
8. Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakhonendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.