Amahubo 23:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova ungumalusi wami,angiyikuswela.

2. Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

3. Ubuyisa umphefumulo wami;uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

4. Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,angesabi okubi, ngokuba wena unami,intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

Amahubo 23