Amahubo 21:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho;iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.

2. Uyinikile njengokwenhliziyo yayo,nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela*

3. Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle;wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.

4. Yacela ukuphila kuwe,wayinika khona,izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.

5. Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho;udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.

6. Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade;uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.

7. Ngokuba inkosi iyethemba uJehova,nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.

8. Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho;esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.

9. Uyakubenza babe njengesithando somlilo,nxa ubonakalisa ubuso bakho;uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe,umlilo uyakubaqeda.

Amahubo 21