Amahubo 147:16-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Uyanika iqhwa njengoboya;uhlakaza isithwathwa njengomlotha.

17. Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu;ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?

18. Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise;uyavusa umoya wakhe,amanzi agobhoze.

Amahubo 147