Amahubo 142:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami,ngincenga uJehova ngezwi lami.

2. Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami,ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.

3. Lapho umoya wami udangala phakathi kwami,wena uyawazi umkhondo wami;endleleni engihamba ngayobangifihlele ugibe.

4. Bheka ngakwesokunene sami,ubone ukuthi akakho onginakekelayo;isiphephelo singiphuthele,akakho okhathalela umphefumulo wami.

5. Ngikhala kuwe Jehova, ngithi:“Wena uyisiphephelo saminesabelo sami ezweni labaphilayo.”

6. Lalela ukukhala kwami,ngokuba ngicindezelekile kakhulu;ngikhulule kubo abangizingelayo,ngokuba banamandla kunami.

7. Khipha umphefumulo wami etilongweniukuba ngibonge igama lakho;abalungileyo bayakungizungeza,ngokuba uyakungiphatha kahle.

Amahubo 142