Amahubo 138:3-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula;wangiqunga isibindi,wangipha amandla emphefumulweni wami.

4. Onke amakhosi omhlaba ayakukubonga, Jehova,lapho ezwile amazwi omlomo wakho.

5. Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova,ngokuba inkulu inkazimulo kaJehova.

6. Ngokuba noma uJehova ephakeme,uyanakekela nokho ophansi;uyamazi ozidlayo ekude.

7. Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko,uyakungiphilisa;uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami,esokunene sakho singisindise.

8. UJehova uyakufeza okwami;Jehova, umusa wakho umi phakade;ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

Amahubo 138