Amahubo 121:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na?

2. Usizo lwami luvela kuJehovaowenzile izulu nomhlaba.

3. Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;okulondolozayo akayikozela.

4. Bheka, olonda u-Israyeli akozeli,akalali.

5. UJehova ungumlondi wakho;uJehova ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.

6. Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.

7. UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;uyakulonda umphefumulo wakho.

Amahubo 121