Amahubo 12:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Siza, Jehova,ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho,ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu.

2. Bakhuluma amanga,kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe;ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.

3. UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo,ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,

4. abathi: “Siyakunqoba ngolimi lwethu;izindebe zethu zinathi;ngubani oyinkosi phezu kwethu na?”

Amahubo 12