7. Akesabi imibiko emibi;inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.
8. Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi,aze azibuke izitha zakhe ziphansi.
9. Uyaphana, uyabanika abampofu;ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade;uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.
10. Omubi uyakukubona, acunuke,agedle amazinyo akhe, abesephela;isifiso sababi siyakubhubha.