3. Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe;ukulunga kwakhe kumi phakade.
4. Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni:umusa, nobubele, nokulunga.
5. Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,esekela izindaba zakhe ngokulunga.
6. Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade;olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.