2. UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu abanawe baningi kakhulu ukuba nginikele abakwaMidiyani esandleni sabo, funa u-Israyeli aziqhenye ngakimi ngokuthi: ‘Isandla sami singisindisile.’
3. Ngalokho memeza ezindlebeni zabantu, uthi: ‘Owesabayo ethuthumela makabuye, amuke entabeni yakwaGileyadi!’ ” Kwabuya abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili, kwasala abayizinkulungwane eziyishumi.
4. UJehova wathi kuGideyoni: “Abantu base baningi; behlisele ngasemanzini, ngikulingele bona khona; kuyakuthi lowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo uzakuhamba nawe,’ yena ahambe nawe; nalowo engizakusho ngaye kuwe ukuthi: ‘Lo akayikuhamba nawe,’ yena akayikuhamba.”
5. Wayesebehlisela abantu ngasemanzini; uJehova wathi kuGideyoni: “Bonke abaxhapha amanzi ngolimi lwabo njengokuxhapha kwenja babeke bodwa, kanjalo nabo bonke abaguqa ngamadolo ukuba baphuze.”
6. Umumo wabaxhaphayo bebeka isandla emlonyeni wawungamadoda angamakhulu amathathu, kepha bonke abanye abantu baguqa ngamadolo ukuba baphuze amanzi.
7. Wayesethi uJehova kuGideyoni: “Ngalawo madoda amakhulu amathathu axhaphayo ngizakunisindisa, ngibanikele abakwaMidiyani esandleni sakho; bonke abanye abantu mabahambe, yilowo nalowo aye endaweni yakhe.”
8. Abantu base bethatha umphako ngesandla sabo namacilongo abo; bonke abanye abakwa-Israyeli wabathuma, kwabayilowo nalowo etendeni lakhe, wagcina lawo madoda amakhulu amathathu; ikamu* lakwaMidiyani laliphansi kwakhe esigodini.
9. Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Vuka wehlele ekamu, ngokuba sengilinikele esandleni sakho.
10. Kepha uma wesaba ukwehla, yehla noPhura udibi lwakho, niye ekamu;
11. uzakuzwa ukuthi bathini, andukuba kuqiniswe izandla zakho ukuba wehlele ekamu.” Khona wehla noPhura udibi lwakhe emaphethelweni abahlomileyo abasekamu.
12. AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.
13. Lapho efika uGideyoni, bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: “Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali* lagingqikela ekamu lakwaMidiyani, lafika etendeni, lalishaya laze lawa, laligumbuqela, labhadalala.”
14. Umngane wakhe waphendula wathi: “Lokhu akulutho ngaphandle kwenkemba kaGideyoni indodana kaJowashi, umuntu wakwa-Israyeli; uNkulunkulu unikele esandleni sakhe uMidiyani nempi yonke.”
15. Kwathi uGideyoni ekuzwa ukulandwa kwephupho nokuchazwa kwalo, wakhuleka; wabuyela ekamu lakwa-Israyeli, wathi: “Vukani, ngokuba uJehova unikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.”
16. Wahlukanisela amadoda angamakhulu amathathu izigaba ezintathu, wawanika, kwaba yileyo naleyo amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho, nezimbaqa zisezitsheni.
17. Wathi kuwo: “Ngibukeni, nenze kanjalo; bhekani, nxa nifika emaphethelweni ekamu, kuyakuthi njengalokho kwenza mina, nenze nani.
18. Nxa ngibetha icilongo, mina nabo bonke abanami, bethani nani amacilongo nxazonke zekamu, nithi: ‘EkaJehova nekaGideyoni!’ ”
19. UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye base befika emaphethelweni ekamu ngasekuqaleni komlindo ophakathi, besand' ukubeka abalindi; babetha amacilongo, baphohloza izitsha abaziphetheyo ngezandla.
20. Izigaba zontathu zabetha amacilongo, zaphohloza izitsha, zaphatha izimbaqa ngezandla zokhohlo namacilongo ngezandla zokunene ukuba ziwabethe; zamemeza zathi: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!”
21. Onke amadoda ayemi, kwaba yileyo naleyo, ahaqa ikamu; bonke abasekamu bagijima bamemeza.