16. Wahlalelani ezibayeni zezimvuukuzwa ikhwelo lemihlambi na?Ngaseminonjaneni yakwaRubenikwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.
17. UGileyadi wahlala phesheyakweJordani;uDani walibalelani emikhunjini na?U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle,wasala ngasemathekwini akhe.
18. UZebuloni wayengabantu abazidelakwaze kwaba sekufeni,uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.
19. “Amakhosi afika alwa,alwa amakhosi aseKhananieThahanaki ngasemanzini aseMegido;awathathanga nzuzo yamali.
20. Kwaliwa ezulwini;izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.
21. Umfudlana iKishoni wabakhukhula,umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni.Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.
22. Khona zadubuza izinselo zamahhashingokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo.
23. ‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosikaJehova;‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo,ngokuba abezanga ukumsiza uJehovaukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’
24. “Uyakubusiswa phezu kwabesifazaneuJayeliumkaHebere umKheni,abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni.
25. Wacela amanzi, wamupha ubisi,wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi.
26. Wafaka isandla sakheesikhonkwaneni,esokunene sakhe esandweni sezisebenzi;ngesando wamshaya uSisera,wadebeza ikhanda lakhe,yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.
27. Wakhothama ngasezinyaweni zakhe,wawa, walala;ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa;lapho wakhothama khona, wawela khona efile.
28. “Wabheka efasiteleni, wamemeza,unina kaSisera wathi eheleni:‘Inqola yakhe ilibalelani ukufika na?Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?’