5. Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe.
6. Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?
7. Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini, nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho.’ ”
8. UBaraki wathi kuye: “Uma uhamba nami, ngiyakuhamba; kepha uma ungahambi nami, angiyikuhamba.”
9. Wathi kuye: “Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho, ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane.” Wayesesuka uDebora, wahamba noBaraki, baya eKedeshi.
10. UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe; naye uDebora wakhuphuka naye.
11. Kepha uHebere umKheni wayezahlukanisile namaKheni, abantwana bakwaHobabi umukhwe kaMose, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se-okini* laseShananimi eliseduze neKedeshi.
12. Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki indodana ka-Abinohama ukhuphukele entabeni yaseThabori.
13. USisera wayesebutha zonke izinqola zakhe, izinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi, nabantu bonke ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kube semfudlaneni iKishoni.
14. UDebora wathi kuBaraki: “Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na?” UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulungwane eziyishumi emva kwakhe.
15. UJehova wamngquzula uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngosiko lwenkemba phambi kukaBaraki; uSisera wehlika enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.
16. Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu.
17. Kepha uSisera wabaleka ngezinyawo, wafika etendeni likaJayeli umkaHebere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHasori nendlu kaHebere umKheni.
18. UJayeli waphuma ukumhlangabeza uSisera, wathi kuye: “Phambuka, nkosi yami; phambukela kimi, ungesabi.” Waphambukela kuye etendeni, wamembesa ingubo.
19. Wayesethi kuye: “Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi, ngokuba ngomile.” Wavumbulula igabha lobisi, wamphuzisa, wamembesa.
20. Wathi kuye: “Yima emnyango wetende; kuyakuthi nxa kufika umuntu abuze kuwe athi: ‘Kukhona muntu lapha na?’ uthi: ‘Qha.’ ”