Abahluleli 14:2-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Wakhuphuka, wabatshela uyise nonina, wathi: “Ngibonile owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti; ngalokho ngithatheleni yena abe ngumkami.”

3. Uyise nonina base bethi kuye: “Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?”USamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.”

4. Kepha uyise nonina babengazi ukuthi lokho kwavela kuJehova, ngokuba wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.

5. USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna, bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lamhlangabeza libhodla.

Abahluleli 14