Abahluleli 14:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. USamsoni wehlela eThimna; wabona owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti.

2. Wakhuphuka, wabatshela uyise nonina, wathi: “Ngibonile owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti; ngalokho ngithatheleni yena abe ngumkami.”

3. Uyise nonina base bethi kuye: “Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?”USamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.”

4. Kepha uyise nonina babengazi ukuthi lokho kwavela kuJehova, ngokuba wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.

5. USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna, bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lamhlangabeza libhodla.

6. UMoya kaJehova wafika phezu kwakhe ngamandla, walidwengula kungathi udwengula izinyane lembuzi, engaphethe lutho esandleni sakhe: kepha akabatshelanga uyise nonina abekwenzile.

7. Wehla, wakhuluma nowesifazane; wathandeka kuSamsoni.

8. Emva kwesikhathi wabuya ukuba amthathe, waphambuka ukuyobona isidumbu sengonyama; bheka, kwakukhona iqulo lezinyosi esidumbini sengonyama kanye noju.

9. Wazitapa ngezandla zakhe, wahamba, wahamba edla, wafika kuyise nonina, wabapha, badla nabo; kepha akabatshelanga ukuthi wayetape izinyosi esidumbini sengonyama.

10. Uyise wehla, waya kulowo wesifazane, uSamsoni wenza idili khona, ngokuba zazenze njalo izinsizwa.

11. Kwathi lapho bembona, baletha abayeni abangamashumi amathathu ukuba babe naye.

Abahluleli 14