26. U-Israyeli esahlala eHeshiboni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nasemizaneni yalo, nasemizini yonke engaseceleni kwe-Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu, anisaphucanga ngani yona ngaleso sikhathi na?
27. Mina angikonanga, kepha wena wenza okubi kimi ngokulwa nami; uJehova uMahluleli makahlulele namuhla phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwa-Amoni.”
28. Kodwa inkosi yabantwana bakwa-Amoni ayilalelanga amazwi kaJefta awathuma kuyo.
29. Khona uMoya kaJehova wafika kuJefta, wadlula kwaGileyadi nakwaManase, wadlula naseMispa lakwaGileyadi; esuka eMispa lakwaGileyadi wadlulela kubantwana bakwa-Amoni.
30. UJefta wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma uyakunikela impela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami,
31. kuyakuthi noma yikuphi okuphuma eminyango yendlu yami ukungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantwana bakwa-Amoni, kube ngokukaJehova, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.”
32. UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa-Amoni ukulwa nabo; uJehova wabanikela esandleni sakhe.
33. Wababulala kusukela e-Aroweri kuze kufike eMiniti, imizi engamashumi amabili, nase-Abela Keramimi ngokuceka okukhulu kakhulu. Kanjalo abantwana bakwa-Amoni banqotshwa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
34. UJefta weza eMispa endlini yakhe; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina; yayingumntwana oyedwa; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi.
35. Kwathi lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, mntanami, ungithobisile kakhulu, ungomunye wabangihluphayo, ngokuba ngivulile umlomo kuJehova, angisenakubuya.”
36. Wathi kuye: “Baba, uvulile umlomo wakho kuJehova; yenza kimi njengokuphumileyo emlonyeni wakho, lokhu uJehova ekuphindisele ezitheni zakho, abantwana bakwa-Amoni.”
37. Yathi kuyise: “Mangenzelwe lokhu: ngiyeke izinyanga ezimbili ukuba ngiye, ngehlele ezintabeni, ngililele ubuntombi bami, mina nabangane bami.”
38. Wathi: “Hamba.” Wayimukisa izinyanga ezimbili; yamuka yona nabangane bayo, yalilela ubuntombi bayo ezintabeni.
39. Kwathi ngasekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise owenza kuyo njengokwesithembiso sakhe asethembisileyo; ayiyazanga indoda.