UJefta weza eMispa endlini yakhe; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina; yayingumntwana oyedwa; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi.