Abahluleli 11:23-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. “Manje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uwaxoshile ama-Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli; wena uyakulidla izwe na?

24. Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova, uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu, siyalidla elabo.

25. Pho, ungcono yini kunoBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, na? Wake waphikisana no-Israyeli, wake walwa nabo na?

26. U-Israyeli esahlala eHeshiboni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nasemizaneni yalo, nasemizini yonke engaseceleni kwe-Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu, anisaphucanga ngani yona ngaleso sikhathi na?

27. Mina angikonanga, kepha wena wenza okubi kimi ngokulwa nami; uJehova uMahluleli makahlulele namuhla phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwa-Amoni.”

28. Kodwa inkosi yabantwana bakwa-Amoni ayilalelanga amazwi kaJefta awathuma kuyo.

29. Khona uMoya kaJehova wafika kuJefta, wadlula kwaGileyadi nakwaManase, wadlula naseMispa lakwaGileyadi; esuka eMispa lakwaGileyadi wadlulela kubantwana bakwa-Amoni.

30. UJefta wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma uyakunikela impela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami,

31. kuyakuthi noma yikuphi okuphuma eminyango yendlu yami ukungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantwana bakwa-Amoni, kube ngokukaJehova, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.”

32. UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa-Amoni ukulwa nabo; uJehova wabanikela esandleni sakhe.

33. Wababulala kusukela e-Aroweri kuze kufike eMiniti, imizi engamashumi amabili, nase-Abela Keramimi ngokuceka okukhulu kakhulu. Kanjalo abantwana bakwa-Amoni banqotshwa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

34. UJefta weza eMispa endlini yakhe; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina; yayingumntwana oyedwa; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi.

Abahluleli 11