Abahluleli 10:7-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.

8. Bakhathaza, bacindezela abantwana bakwa-Israyeli ngalowo mnyaka; iminyaka eyishumi nesishiyagalombili babacindezela bonke abantwana bakwa-Israyeli ababengaphesheya kweJordani ezweni lama-Amori elikwaGileyadi.

9. Abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuba balwe noJuda noBenjamini nendlu yakwa-Efrayimi; u-Israyeli wantula kakhulu.

10. Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.”

11. UJehova wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Anginisindisanga yini kubo abaseGibithe, nakuwo ama-Amori, nakubo abantwana bakwa-Amoni, nakuwo amaFilisti, na?

12. Nacindezelwa ngamaSidoni, nama-Amaleki, namaMahoni, nakhala kimi, nganisindisa esandleni sawo.

13. Nokho ningishiyile, nakhonza abanye onkulunkulu; ngalokho angisayikunisindisa.

14. Hambani nikhale konkulunkulu enibakhethileyo; mabanisindise ngesikhathi sosizi lwenu.”

15. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuJehova: “Sonile; yenza kithi okuthandayo; kepha ake usophule kuphela namuhla.”

16. Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.

17. Kwabuthwa abantwana bakwa-Amoni, bamisa kwaGileyadi. Kepha abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa.

18. Abantu, izikhulu zakwaGileyadi, bathi omunye komunye: “Ngumuphi umuntu oyakuqala ukulwa nabantwana bakwa-Amoni na? Yena uyakuba yinhloko yabo bonke abakhe kwaGileyadi.”

Abahluleli 10