Abahluleli 10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

OThola noJayire

1. Emva kuka-Abimeleki kwavela uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba asindise u-Israyeli; wayehlala eShamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi.

2. Wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nantathu, wafa, wembelwa eShamiri.

3. Emva kwakhe kwavela uJayire wakwaGileyadi, wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili nambili.

4. Wayenamadodana angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi amathathu; ayenemizi engamashumi amathathu ethiwa iHavoti Jayire kuze kube namuhla, esezweni lakwaGileyadi.

5. UJayire wafa, wembelwa eKhamoni.

Abakwa-Israyeli babuyela esandleni sezitha zabo

6. Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, babakhonza oBali, no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base-Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni, nawonkulunkulu bakwaMowabi, nawonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, kabamkhonza.

7. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.

8. Bakhathaza, bacindezela abantwana bakwa-Israyeli ngalowo mnyaka; iminyaka eyishumi nesishiyagalombili babacindezela bonke abantwana bakwa-Israyeli ababengaphesheya kweJordani ezweni lama-Amori elikwaGileyadi.

9. Abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuba balwe noJuda noBenjamini nendlu yakwa-Efrayimi; u-Israyeli wantula kakhulu.

10. Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.”

11. UJehova wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Anginisindisanga yini kubo abaseGibithe, nakuwo ama-Amori, nakubo abantwana bakwa-Amoni, nakuwo amaFilisti, na?

12. Nacindezelwa ngamaSidoni, nama-Amaleki, namaMahoni, nakhala kimi, nganisindisa esandleni sawo.

13. Nokho ningishiyile, nakhonza abanye onkulunkulu; ngalokho angisayikunisindisa.

14. Hambani nikhale konkulunkulu enibakhethileyo; mabanisindise ngesikhathi sosizi lwenu.”

15. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuJehova: “Sonile; yenza kithi okuthandayo; kepha ake usophule kuphela namuhla.”

16. Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.

17. Kwabuthwa abantwana bakwa-Amoni, bamisa kwaGileyadi. Kepha abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa.

18. Abantu, izikhulu zakwaGileyadi, bathi omunye komunye: “Ngumuphi umuntu oyakuqala ukulwa nabantwana bakwa-Amoni na? Yena uyakuba yinhloko yabo bonke abakhe kwaGileyadi.”