4. Wayenamadodana angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi amathathu; ayenemizi engamashumi amathathu ethiwa iHavoti Jayire kuze kube namuhla, esezweni lakwaGileyadi.
5. UJayire wafa, wembelwa eKhamoni.
6. Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, babakhonza oBali, no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base-Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni, nawonkulunkulu bakwaMowabi, nawonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, kabamkhonza.
7. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni samaFilisti nasesandleni sabantwana bakwa-Amoni.
8. Bakhathaza, bacindezela abantwana bakwa-Israyeli ngalowo mnyaka; iminyaka eyishumi nesishiyagalombili babacindezela bonke abantwana bakwa-Israyeli ababengaphesheya kweJordani ezweni lama-Amori elikwaGileyadi.
9. Abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuba balwe noJuda noBenjamini nendlu yakwa-Efrayimi; u-Israyeli wantula kakhulu.
10. Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.”
11. UJehova wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Anginisindisanga yini kubo abaseGibithe, nakuwo ama-Amori, nakubo abantwana bakwa-Amoni, nakuwo amaFilisti, na?
12. Nacindezelwa ngamaSidoni, nama-Amaleki, namaMahoni, nakhala kimi, nganisindisa esandleni sawo.
13. Nokho ningishiyile, nakhonza abanye onkulunkulu; ngalokho angisayikunisindisa.
14. Hambani nikhale konkulunkulu enibakhethileyo; mabanisindise ngesikhathi sosizi lwenu.”