11. UJehova wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Anginisindisanga yini kubo abaseGibithe, nakuwo ama-Amori, nakubo abantwana bakwa-Amoni, nakuwo amaFilisti, na?
12. Nacindezelwa ngamaSidoni, nama-Amaleki, namaMahoni, nakhala kimi, nganisindisa esandleni sawo.
13. Nokho ningishiyile, nakhonza abanye onkulunkulu; ngalokho angisayikunisindisa.
14. Hambani nikhale konkulunkulu enibakhethileyo; mabanisindise ngesikhathi sosizi lwenu.”
15. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuJehova: “Sonile; yenza kithi okuthandayo; kepha ake usophule kuphela namuhla.”
16. Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.
17. Kwabuthwa abantwana bakwa-Amoni, bamisa kwaGileyadi. Kepha abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa.
18. Abantu, izikhulu zakwaGileyadi, bathi omunye komunye: “Ngumuphi umuntu oyakuqala ukulwa nabantwana bakwa-Amoni na? Yena uyakuba yinhloko yabo bonke abakhe kwaGileyadi.”