5. “Ngokuba amaza okufa angihaqa;izikhukhula zokona zangethusa.
6. Izintambo zasendaweni yabafileyozangizungeza,izihibe zokufa zangehlela.
7. Ekuhluphekeni kwami ngambizauJehova,ngakhala kuNkulunkulu wami;walizwa izwi lami esethempelini lakhe;ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.
8. “Umhlaba wawusuzamazama,wadikizela;izisekelo zezulu zathuthumela,zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.
9. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;amalahle avutha kuye.
10. Wathobisa izulu, wehla;ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
11. Wakhwela phezu kwekherubi,*wandiza;wabonwa emaphikweni omoya.
12. Wenza ubumnyama bubengamadokodo amphahlayo,amanzi aqoqane, amafu abe nzima.
13. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhekwavuthiswa amalahle omlilo.
14. UJehova waduma ezulwini;oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.
15. Wathuma imicibisholo,wabangquzula,yebo, nonyazi, wabadidizelisa.
16. Kwase kubonakala imisinga yamanzi;izisekelo zomhlaba zambulwangesijeziso sikaJehova,ngokufutha komoya wamakhala akhe.
17. Waselula isandla sakhe ephezulu,wangibamba;wangikhipha emanzini amaningi.