2 Usamuweli 22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Ihubo lokubonga kukaDavide

1. UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,

2. wathi:“UJehova uyidwala lami,nenqaba yami, nomkhululi wami;

3. uNkulunkulu uyidwala lamiengiphephela kulo,nesihlangu sami,nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami;msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.

4. Ngiyamemeza kuJehovaodumisekayo,ngisindiswe ezitheni zami.

5. “Ngokuba amaza okufa angihaqa;izikhukhula zokona zangethusa.

6. Izintambo zasendaweni yabafileyozangizungeza,izihibe zokufa zangehlela.

7. Ekuhluphekeni kwami ngambizauJehova,ngakhala kuNkulunkulu wami;walizwa izwi lami esethempelini lakhe;ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.

8. “Umhlaba wawusuzamazama,wadikizela;izisekelo zezulu zathuthumela,zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.

9. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;amalahle avutha kuye.

10. Wathobisa izulu, wehla;ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

11. Wakhwela phezu kwekherubi,*wandiza;wabonwa emaphikweni omoya.

12. Wenza ubumnyama bubengamadokodo amphahlayo,amanzi aqoqane, amafu abe nzima.

13. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhekwavuthiswa amalahle omlilo.

14. UJehova waduma ezulwini;oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

15. Wathuma imicibisholo,wabangquzula,yebo, nonyazi, wabadidizelisa.

16. Kwase kubonakala imisinga yamanzi;izisekelo zomhlaba zambulwangesijeziso sikaJehova,ngokufutha komoya wamakhala akhe.

17. Waselula isandla sakhe ephezulu,wangibamba;wangikhipha emanzini amaningi.

18. Wangophula esitheni samiesinamandlanakubo abangizondayo,ngokuba base bengahlulile.

19. Bangihlasela ngosuku lwesigemegemesami,kepha uJehova waba yinsika yami.

20. Wangiphumisela endaweni ebanzi:wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

21. “UJehova wangivuza ngokokulungakwami;wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

22. Ngokuba ngizigcinile izindlelazikaJehova;angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

23. Ngokuba yonke imithetho yakheyayiphambi kwami,nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.

24. Ngangiphelele kuye;ngabuxwaya ububi.

25. UJehova wayesebuyisela kiminjengokulunga kwami,njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.

26. “Kothembekileyo uyazibonakalisaethembekile;kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;

27. kohlanzekileyo uyazibonakalisaehlanzekile;koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani.

28. Uyasindisa abantu abathobekileyo,kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.

29. Ngokuba wena uyisibani sami,Jehova;uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.

30. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

31. Indlela kaNkulunkulu iphelele;izwi likaJehova lihlanzekile;yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

32. “Ngokuba ngubani onguNkulunkulungaphandle kukaJehova,ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

33. UNkulunkulu uyangibhincisaamandla;uyenza indlela yami ilunge,

34. yena owenza izinyawo zami zibenjengezendluzelekazi,angimise emagqumeni ami;

35. ofundisa izandla zami ukulwa,ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

36. Wena unginikile isihlangu sensindisoyakho;ubumnene bakho bungikhulisile.

37. Amabanga okunyathela kwamiuwandisile;amaqakala ami awaxegi.

38. “Ngazixosha izitha zami, ngazifica;angibuyanga ngingakaziqedi.

39. Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zazezahluleka ukuvuka;zawa phansi kwezinyawo zami.

40. Wangibhincisa amandla okulwa;ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

41. Wangifulathelisela izitha zami,nabangizondayo ngabaqothula.

42. Bakhala, kepha akubangakhoosindisayo,nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

43. Ngabacolisisa njengothulilomhlabathi;ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

44. “Wangikhulula ezimpini zabantubami;wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe;abantu engingabaziyo bangikhonza.

45. Abafo bazithoba phansi kwami;banele ukungizwa nje ngendlebe,base bengilalela.

46. Abafo babuna,baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.

47. “UJehova usekhona malidunyisweidwala lami;makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

48. uNkulunkulu onginikile impindiselo,wathobisa izizwe phansi kwami;

49. ongikhiphile ezitheni zami,wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo,wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

50. Ngalokho-ke ngizakukubongaphakathi kwabezizwe, Jehova,ngilihubele igama lakho.

51. Uyenza insindiso ibe nkulu enkosiniyakhe;uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavidenasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”