2 Usamuweli 22:42-51 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

42. Bakhala, kepha akubangakhoosindisayo,nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

43. Ngabacolisisa njengothulilomhlabathi;ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

44. “Wangikhulula ezimpini zabantubami;wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe;abantu engingabaziyo bangikhonza.

45. Abafo bazithoba phansi kwami;banele ukungizwa nje ngendlebe,base bengilalela.

46. Abafo babuna,baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.

47. “UJehova usekhona malidunyisweidwala lami;makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

48. uNkulunkulu onginikile impindiselo,wathobisa izizwe phansi kwami;

49. ongikhiphile ezitheni zami,wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo,wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

50. Ngalokho-ke ngizakukubongaphakathi kwabezizwe, Jehova,ngilihubele igama lakho.

51. Uyenza insindiso ibe nkulu enkosiniyakhe;uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavidenasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”

2 Usamuweli 22