37. Amabanga okunyathela kwamiuwandisile;amaqakala ami awaxegi.
38. “Ngazixosha izitha zami, ngazifica;angibuyanga ngingakaziqedi.
39. Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zazezahluleka ukuvuka;zawa phansi kwezinyawo zami.
40. Wangibhincisa amandla okulwa;ababengivukele wabathobisa phansi kwami.
41. Wangifulathelisela izitha zami,nabangizondayo ngabaqothula.
42. Bakhala, kepha akubangakhoosindisayo,nakuJehova, kodwa akaze aphendula.
43. Ngabacolisisa njengothulilomhlabathi;ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.
44. “Wangikhulula ezimpini zabantubami;wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe;abantu engingabaziyo bangikhonza.
45. Abafo bazithoba phansi kwami;banele ukungizwa nje ngendlebe,base bengilalela.