2 Usamuweli 22:29-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Ngokuba wena uyisibani sami,Jehova;uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.

30. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

31. Indlela kaNkulunkulu iphelele;izwi likaJehova lihlanzekile;yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

32. “Ngokuba ngubani onguNkulunkulungaphandle kukaJehova,ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

33. UNkulunkulu uyangibhincisaamandla;uyenza indlela yami ilunge,

34. yena owenza izinyawo zami zibenjengezendluzelekazi,angimise emagqumeni ami;

35. ofundisa izandla zami ukulwa,ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

36. Wena unginikile isihlangu sensindisoyakho;ubumnene bakho bungikhulisile.

37. Amabanga okunyathela kwamiuwandisile;amaqakala ami awaxegi.

38. “Ngazixosha izitha zami, ngazifica;angibuyanga ngingakaziqedi.

39. Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zazezahluleka ukuvuka;zawa phansi kwezinyawo zami.

40. Wangibhincisa amandla okulwa;ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

41. Wangifulathelisela izitha zami,nabangizondayo ngabaqothula.

42. Bakhala, kepha akubangakhoosindisayo,nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

43. Ngabacolisisa njengothulilomhlabathi;ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

2 Usamuweli 22