2 Usamuweli 22:19-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Bangihlasela ngosuku lwesigemegemesami,kepha uJehova waba yinsika yami.

20. Wangiphumisela endaweni ebanzi:wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

21. “UJehova wangivuza ngokokulungakwami;wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

22. Ngokuba ngizigcinile izindlelazikaJehova;angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

23. Ngokuba yonke imithetho yakheyayiphambi kwami,nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.

24. Ngangiphelele kuye;ngabuxwaya ububi.

25. UJehova wayesebuyisela kiminjengokulunga kwami,njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.

26. “Kothembekileyo uyazibonakalisaethembekile;kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;

2 Usamuweli 22