14. UJehova waduma ezulwini;oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.
15. Wathuma imicibisholo,wabangquzula,yebo, nonyazi, wabadidizelisa.
16. Kwase kubonakala imisinga yamanzi;izisekelo zomhlaba zambulwangesijeziso sikaJehova,ngokufutha komoya wamakhala akhe.
17. Waselula isandla sakhe ephezulu,wangibamba;wangikhipha emanzini amaningi.
18. Wangophula esitheni samiesinamandlanakubo abangizondayo,ngokuba base bengahlulile.
19. Bangihlasela ngosuku lwesigemegemesami,kepha uJehova waba yinsika yami.
20. Wangiphumisela endaweni ebanzi:wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
21. “UJehova wangivuza ngokokulungakwami;wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
22. Ngokuba ngizigcinile izindlelazikaJehova;angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.