2 Usamuweli 22:11-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Wakhwela phezu kwekherubi,*wandiza;wabonwa emaphikweni omoya.

12. Wenza ubumnyama bubengamadokodo amphahlayo,amanzi aqoqane, amafu abe nzima.

13. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhekwavuthiswa amalahle omlilo.

14. UJehova waduma ezulwini;oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

15. Wathuma imicibisholo,wabangquzula,yebo, nonyazi, wabadidizelisa.

16. Kwase kubonakala imisinga yamanzi;izisekelo zomhlaba zambulwangesijeziso sikaJehova,ngokufutha komoya wamakhala akhe.

17. Waselula isandla sakhe ephezulu,wangibamba;wangikhipha emanzini amaningi.

18. Wangophula esitheni samiesinamandlanakubo abangizondayo,ngokuba base bengahlulile.

19. Bangihlasela ngosuku lwesigemegemesami,kepha uJehova waba yinsika yami.

20. Wangiphumisela endaweni ebanzi:wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

21. “UJehova wangivuza ngokokulungakwami;wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

2 Usamuweli 22