2 Usamuweli 22:1-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,

2. wathi:“UJehova uyidwala lami,nenqaba yami, nomkhululi wami;

3. uNkulunkulu uyidwala lamiengiphephela kulo,nesihlangu sami,nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami;msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.

4. Ngiyamemeza kuJehovaodumisekayo,ngisindiswe ezitheni zami.

5. “Ngokuba amaza okufa angihaqa;izikhukhula zokona zangethusa.

6. Izintambo zasendaweni yabafileyozangizungeza,izihibe zokufa zangehlela.

7. Ekuhluphekeni kwami ngambizauJehova,ngakhala kuNkulunkulu wami;walizwa izwi lami esethempelini lakhe;ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.

8. “Umhlaba wawusuzamazama,wadikizela;izisekelo zezulu zathuthumela,zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.

9. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;amalahle avutha kuye.

10. Wathobisa izulu, wehla;ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

11. Wakhwela phezu kwekherubi,*wandiza;wabonwa emaphikweni omoya.

12. Wenza ubumnyama bubengamadokodo amphahlayo,amanzi aqoqane, amafu abe nzima.

13. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhekwavuthiswa amalahle omlilo.

14. UJehova waduma ezulwini;oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

15. Wathuma imicibisholo,wabangquzula,yebo, nonyazi, wabadidizelisa.

16. Kwase kubonakala imisinga yamanzi;izisekelo zomhlaba zambulwangesijeziso sikaJehova,ngokufutha komoya wamakhala akhe.

2 Usamuweli 22